Ukufanekisa
Wukusebenzisa into ethile njengomfanekiso noma njengesithombe senye into. Ukufanekisa emibhalweni engcwele kusebenzisa into ejwayelekile, into eyenzekayo ejwayelekile, noma isimo esijwayelekile ukubonisa umgomo noma imfundiso yevangeli. Isibonela, eNcwadini kaMormoni umphrofethi u-Alima wasebenzisa isithombo ukuze abonise izwi likaNkulunkulu (Alima 32).
Abaphrofethi kuyo yonke imibhalo engcwele babesebenzisa ukufanekisa ukuze bafundise ngoJesu Kristu. Ezinye zalezi zifanekiso zihlanganisa imikhosi kanye nezimiso (Mose 6:63), iminikelo (Heb. 9:11–15; Mose 5:7–8), isidlo esingcwele (HJS, Marku 14:20–24 [Isithasiselo]; Luka 22:13–20), kanye nombhabhadiso (Roma 6:1–6; Mf&V 128:12–13). Amagama amaningi asebhayibhelini akhombisa okuthile. Umkhosi wetebarnekele laseTestamenteni eliDala kanye nomthetho kaMose wawubonisa amaqiniso aphakade (Heb. 8–10; Mosiya 13:29–32; Alima 25:15; Hel. 8:14–15). Ukuze ubone ezinye izibonelo, bheka kuMathewu 5:13–16; Joh. 3:14–15; Jakobe 4:5; Alima 37:38–45.