Lalela Bheka futhi isihloko esithi Indlebe; Othobelayo, Thobela, Ukuthobela Wukuzwa futhi nokuthobela izwi noma izimfundiso zeNkosi. INkosi iyovusa umphrofethi onjengo Mose, futhi abantu kuyofanele bamlalele, Dut. 18:15. Ukulalela kungcono kunamanoni ezinqama zomnikelo, â… Â Sam. 15:20–23. Asilalelanga ezincekwini zeNkosi, abaphrofethi, Dan. 9:6. Abalungileyo abalalela amazwi abaphrofethi abayikubhubha, 2 Nefi 26:8. Uma ningalilaleli izwi lomalusi omuhle, anisizo izimvu zakhe, Alima 5:38 (Hel. 7:18). Lalelani, O nina bantu bebandla lami, Mf&V 1:1. Labo abalalela izwi likaMoya bayakhanyiselwa futhi beza kuBaba, Mf&V 84:46–47. Babephuza ukulalela izwi leNkosi yabo; ngakho-ke iyephuza ukulalela imikhuleko yabo, Mf&V 101:7–9. Labo abangayilaleli imiyalelo bayajeziswa, Mf&V 103:4 (Mose 4:4).