Umama Bheka futhi isihloko esithi Abazali; Eva; Umndeni Yibizo eligcwele elibhekiswe kowesifazane ozala noma othola abantwana. Omama bayalekelela eswini likaNkulunkulu ngokuletha imizimba efayo yabantwana bemimoya kaNkulunkulu. U-Adamu wabiza umfazi wakhe ngo-Eva, ngoba wayengunina wabo bonke abaphilayo, Gen. 3:20 (Mose 4:26). Hlonipha uyihlo nonyoko, Eks. 20:12 (Ef. 6:1–3; Mosiya 13:20). Ungawushiyi umthetho kanyoko, IzA. 1:8. Umuntu oyisiwula udelela unina, IzA. 15:20 (IzA. 10:1). Ungamdeleli unyoko lapho esemdala, IzA. 23:22. Abantwana bakhe nomyeni wakhe bayasukuma bambusise futhi bambize ngokuthi ngobusisiwe futhi umyeni wakhe uyamdumisa, IzA. 31:28. Unina kaJesu wema eceleni kwesiphambano, Joh. 19:25–27. Amabutho amaLamani ayizinkulungwane ezimbili ayefundiswe ngomama bawo, Alima 56:47 (Alima 57:21). UMama wethu ohlonishwa kakhulu u-Eva wayephakathi kwabakhulu nabanamandla iNkosi eyabafundisa ezweni lemimoya, Mf&V 138:38–39.