Abakhethiweyo Abakhethiweyo yilabo abamthandayo uNkulunkulu ngezinhliziyo zabo zonke futhi abaphila izimpilo ezimjabulisayo. Labo abaphila izimpilo ezinjena zobufundi ngelinye ilanga bazokhethwa yiNkosi ukuba babe phakathi kwabantwana Bayo abakhethiweyo. Uma kwakungenzeka, bayodukisa ngisho nabakhethiweyo, Math. 24:24. UJohane wathokoza ngokuba abantwana benkosikazi ekhethiweyo babeqotho futhi bethembekile, Ⅱ Joh. 1. Izono zakho zixolelwe, futhi uyinkosikazi ekhethiweyo, Mf&V 25:3. Abakhethiweyo bami bayalizwa izwi lami futhi abazenzi lukhuni izinhliziyo zabo, Mf&V 29:7. Ngisho kanjalo-ke ngizobaqoqa abakhethiweyo bami kumagumbi amane omhlaba, Mf&V 33:6. Imibhalo engcwele iyonikwa ukuze kusindiswe abakhethiweyo bami uqobo, Mf&V 35:20–21. Labo abakhulisa ubizo lwabo lobuphristi baba ngabakhethiweyo baNkulunkulu, Mf&V 84:33–34. Ngenxa yabakhethiweyo, izinsuku zosizi ziyofinyezwa, JS—Math. 1:20.