Cela Bheka futhi isihloko esithi Umkhuleko Ukuncenga, ukubuza, noma ukunxusa uNkulunkulu ukuba uthole umusa othize. Celani, khona niyophiwa, Math. 7:7. Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu, Jak. 1:5 (JS—uMl. 1:7–20). Ngiceleni ngokukholwa, 1 Nefi 15:11. Uma ningawaqondi lamazwi, kuzokuba ngenxa yokuthi aniceli, 2 Nefi 32:4. Celani ngobuqotho benhliziyo, Mosiya 4:10. UNkulunkulu uninika noma yini eniyicelayo elungileyo, ngokholo, Mosiya 4:21. Buzani kuNkulunkulu ukuthi lezi zinto azilona yini iqiniso, Moro. 10:4. Bathanda ubumnyama kunokukhanya; ngakho-ke, ngeke bacele kimi, Mf&V 10:21. Niyaliwe kuzo zonke izinto ukuba nicele kuNkulunkulu, Mf&V 46:7.