Fakaza Bheka futhi isihloko esithi Ubufakazi Wukufaza ngamandla oMoya oNgcwele; wukugomela ngesizotha iqiniso ngenxa yokukholwa noma kolwazi lomuntu uqobo. UmDuduzi uyofakaza ngami, Joh. 15:26. Wasiyala ukuba sishumayele futhi sifakaze, IzE. 10:42. Ofakazi abathathu bayofakaza ngeqiniso, 2 Nefi 27:12. Amandla kaMoya oNgcwele akuthwala akuse ezinhliziyweni zabantwana babantu, 2 Nefi 33:1. Imibhalo engcwele ifakaza ngoKristu, Jakobe 7:10–11 (Joh. 5:39). Ngiyafakaza kini ukuthi ngiyazi ukuthi lezi zinto esengikhulume ngazo ziyiqiniso, Alima 5:45 (Alima 34:8). Niyofakaza ngazo, ngamandla kaNkulunkulu, Mf&V 17:3–5. Lokho okufakazwa nguMoya kini ngifuna nikwenze, Mf&V 46:7. Nginithumela ukuyofakaza futhi nixwayise abantu, Mf&V 88:81.