Mpofu Bheka futhi isihloko esithi Inhlalakahle; Izenzo zomusa, Ukwenza izenzo zomusa; Othobekileyo, Ukuzithoba; Ukuzila ukudla, Zila ukudla; Umnikelo Emibhalweni engcwele, ubumpofu kubhekiswe (1) kubantu abangenazo izinto ezidingekayo, njengokudla, okokugqoka, kanye nendawo yokuphephela, noma (2) abantu abazehlisile futhi abangenakho ukuzikhukhumeza. Ubumpofu ngokwezinto ezidingekayo Ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho, Dut. 15:7. Okhohlakeleyo ekuzaziseni kwakhe ukhathaza abampofu, AmaH. 10:2. Opha abampofu akayikweswela, IzA. 28:27. Letha abampofu endlini yakho, Isaya 58:6–7. Uma ufuna ukuba ngopheleleyo du, phana abampofu, Math. 19:21 (Marku 10:21; Luka 18:22). UNkulunkulu akakhethanga abampofu balomhlaba na, Jak. 2:5. Ngokuba bacebile badelela abampofu, 2 Nefi 9:30. Ukuze ugcine ukususwa kwezono zakho, phana ngempahla yakho kwabampofu, Mosiya 4:26. Baphana ngempahla yabo kwabampofu, Alima 1:27. Uma nixosha abantulayo, umkhuleko wenu uyize, Alima 34:28. AmaNefi ayenezinto zonke ngokufana; kwakungekho ocebile nompofu, 4 Nefi 1:3. Ubokhumbula abampofu, Mf&V 42:30 (Mf&V 52:40). Maye kwabampofu izinhliziyo zabo ezingadabukile, Mf&V 56:17–18. Abampofu bazoza emshadweni weMvana, Mf&V 58:6–11. Umbhishobhi kufanele afune abampofu, Mf&V 84:112. Umthetho wevangeli uphethe ukunakekelwa kwabampofu, Mf&V 104:17–18. Kwakungekho abampofu phakathi kwabo, Mose 7:18. Ubumpofu ngokomoya Babusisiwe kakhulu labo abazehlisayo ngaphandle kokuphoqeleka ngenxa yobumpofu, Alima 32:4–6, 12–16. Babusisiwe abampofu emoyeni abeza kimi, 3 Nefi 12:3 (Math. 5:3). Abampofu nabathobekile bayoshunyayezwa ivangeli, Mf&V 35:15.