Ubumsulwa Bheka futhi isihloko esithi Amandla; Okuthokozisa imizwa, Ukuthokozisa imizwa; Ubuqotho; Ukuhlobonga; Ukuphinga Wubuqotho kanye nobuhle ngokwenkambo yokulunga, ngamandla kanye nokuqina (Luka 8:46), noma wukuhlanzeka ngokulalana (Moro. 9:9). UJosefa wakuvimbela ukusondela komfazi kaPotifari, Gen. 39:7–21 (Mf&V 42:24; 59:6). Ungaphingi, Eks. 20:14. Ungowesifazane olungileyo, Ruthe 3:11. Lowo onezandla ezihlanzekileyo nenhliziyo emsulwa uyoma endaweni yeNkosi engcwele, AmaH. 24:3–4. Owesifazane olungileyo ungumqhele kumyeni wakhe, IzA. 12:4. Inani lowesifazane olungileyo lidlula kakhulu amarubi, IzA. 31:10–31. Anazi yini ukuthi umzimba wenu ulithempeli loMoya oNgcwele, â… Â Kor. 6:18–19. Yiba yisibonelo ngokuhlanzeka, â… Â Thim. 4:12. Neleke ukulunga okholweni lwenu, â…¡Â Petru 1:5 (Mf&V 4:6). Akukhonto engcolileyo engahlala noNkulunkulu, 1 Nefi 10:21. Ngokuba, mina iNkosi uNkulunkulu, ngiyathokoza ngobumsulwa kwabesifazane, Jakobe 2:28. Wazameni amandla ezwi likaNkulunkulu, Alima 31:5. Isono sokulalana siyisinengiso, Alima 39:1–13. Ubumsulwa kuthandeka kakhulu futhi kuyigugu ngaphezu kwazo zonke izinto, Moro. 9:9. Ukulunga makubuse imicabango yakho ngokungaphezi, Mf&V 121:45. Sikholelwa ekulungeni, Bha. Kho. 1:13 (Fil. 4:8).