Iminyaka eyinkulungwane Bheka futhi isihloko esithi Isihogo; Ukuza kwesibili kukaJesu Kristu Yisikhathi seminyaka eyinkulungwane sokuthula esizoqala ngesikhathi uKristu ebuya ukuzobusa yena uqobo emhlabeni (Bha. Kho. 1:10). Abantu abasayikuphakamisa inkemba, noma bafunde ukulwa, Isaya 2:4 (Mika 4:3; 2 Nefi 12:4). Izwe elalikade liyize selinjengensimu yase-Edene, Hez. 36:35. Baphila futhi babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane, IsAmb. 20:4. Ngenxa yokulunga, uSathane akanamandla, 1 Nefi 22:26. Ngizohlala ngokulunga emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, Mf&V 29:11. Uma iminyaka eyinkulungwane isiphelile, ngizowuhlenga umhlaba okwesikhashana, Mf&V 29:22. INkulungwane enkulu yemiNyaka iyofika, Mf&V 43:30. Abantwana babalungileyo bayokhula ngaphandle kwesono, Mf&V 45:58. Abantwana bayokhula baze babe badala; abantu bayoguqulwa ngokuphazima kweso, Mf&V 63:51. Ekuqaleni konyaka wenkulungwane yesikhombisa iNkosi izowungcwelisa umhlaba, Mf&V 77:12. Abaphili futhi kuze kube iminyaka eyinkulungwane iyaphela, Mf&V 88:101. USathane uyoboshwa iminyaka eyinkulungwane, Mf&V 88:110. ImiNyaka eyiNkulungwane iyachazwa, Mf&V 101:23–34. Iminyaka eyinkulungwane umhlaba uyophumula, Mose 7:64.