Umgomo Bheka futhi isihloko esithi Ivangeli Yimfundiso, yiqiniso, noma wumthetho oyisisekelo. Imigomo yokuqala yevangeli wukholo eNkosini uJesu Kristu kanye nokuphenduka (Bha. Kho. 1:4). Singashiyi umgomo wemfundiso kaKristu, masiye ekuphelelisweni, HJS Heb. 6:1. Amagosa, abaphristi, kanye nothisha bayofundisa imigomo yevangeli lami, esemibhalweni engcwele, Mf&V 42:12. Ukuze nifundiseke ngezimiso, ngemfundiso, kuzo zonke izinto, Mf&V 88:78 (Mf&V 97:14). Wonke umuntu angenza ngokwezimfundiso nomgomo ngokuzikhethela kokulunga engimunike kona, Mf&V 101:78. Noma ngabe lungakanani ulwazi esilutholayo kulempilo, luyovuka nathi ovukweni, Mf&V 130:18–19.