I-altare Bheka futhi isihloko esithi Umnikelo Lokhu yisakhiwo esisetshenziselwa imihlatshelo, iminikelo, nokukhonza. UNowa wayakhela iNkosi i-altare futhi wanikela umnikelo wokushiswa, Gen. 8:20. U-Abrama wayakhela iNkosi i-altare, Gen. 12:7–8. U-Abrahama wayibophela indodana yakhe u-Isaka e-altare, Gen. 22:9 (Gen. 22:1–13). UJakobe wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi yi-Eli-Bethele, Gen. 35:6–7. U-Eliya wakha i-altare futhi waphonsa inselelo kubaphristi baBali, â… Â AmaKh. 18:17–40. Nxa uletha umnikelo wakho e-altare, buyisana nomfowenu kuqala, Math. 5:23–24. Ngabona ngaphansi kwe-altare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu, IsAmb. 6:9 (Mf&V 135:7). ULehi wakha i-altare ngamatshe futhi wabonga eNkosini, 1 Nefi 2:7. U-Abrahama wasindiswa ekufeni phezu kwe-altare lika-Elkena, Abr. 1:8–20.