Indlela Bheka futhi isihloko esithi Hamba, Hamba noNkulunkulu; Jesu Kristu Wumkhondo noma wumzila umuntu awulandelayo. UJesu wathi wayeyindlela (Joh. 14:4–6). Gcinani imiyalelo yeNkosi ukuba nihambe ezindleleni zayo, Dut. 8:6. Fundisa umntwana ngendlela okufanele ahambe ngayo, IzA. 22:6 (2 Nefi 4:5). INkosi yathi izindlela zayo ziphakeme kunezindlela zethu, Isaya 55:8–9. Isango lincane nendlela ingumcingo eholela ekuphileni, Math. 7:13–14 (3 Nefi 14:13–14; 27:33; Mf&V 132:22, 25). UNkulunkulu uzokuvulela indlela yokuba ukubalekele ukulingwa, â… Â Kor. 10:13. INkosi ayiniki umyalelo ingalungisi indlela yokuba abantwana bayo bakwazi ukuwugcina, 1 Nefi 3:7 (1 Nefi 9:6; 17:3, 13). Ayikho enye indlela ngaphandle kokuba kube ngesango, 2 Nefi 9:41. Nikhululekile ukuba nizenzele nina—ukuba nikhethe indlela yokufa kwaphakade noma yokuphila okuphakade, 2 Nefi 10:23. Yiyo lena indlela futhi ayikho enye indlela noma igama, 2 Nefi 31:21 (Mosiya 3:17; Alima 38:9; Hel. 5:9). Esiphweni seNdodana yakhe uNkulunkulu ulungise indlela enhle kakhulu, Etere 12:11 (â… Â Kor. 12:31). Wonke umuntu uhamba kweyakhe indlela, Mf&V 1:16. Kufanele kwenziwe ngendlela yami, Mf&V 104:16.