Liyahona ENcwadini kaMormoni, yibhola lethusi elinezinto zokukhombisa ezazinika indlela—njengekhampasi—kanye neziyalo zomoya kuLehi kanye nabalandeli bakhe uma babenza ukulunga. INkosi yalungisa iLiyahona futhi yanika iziyalo ngayo. ULehi wathola ibhola lethusi elalinezinti ezimbili ezazikhombisa indlela uLehi kanye nomndeni wakhe okwakufanele bahambe ngayo, 1 Nefi 16:10. Ibhola lalisebenza ngokokholo kanye nangokukhuthala, 1 Nefi 16:28–29 (Alima 37:40). UBenjamini walinika uMosiya ibhola, Mosiya 1:16. Ibhola noma umqondisi wayebizwa ngokuthi yiLiyahona, Alima 37:38. ILiyahona yayiqhathaniswa nezwi likaKristu, Alima 37:43–45. OFakazi abaThathu beNcwadi kaMormoni bazombona umqondisi owanikwa uLehi, Mf&V 17:1.