Ubumnyama ngokomoya Bheka futhi isihloko esithi Okhohlakeleyo, Ukukhohlakala Wububi noma wukungazi ngezinto zomoya. Maye kulabo ababeka ubumnyama kube ngukukhanya, Isaya 5:20 (2 Nefi 15:20). Ubumnyama buyosibekela umhlaba, futhi ubumnyama obukhulu kubantu, Isaya 60:2. UJesu uzonika ukukhanya kulabo abahlezi ebumnyameni, Luka 1:79. Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, futhi ubumnyama abukuqondi, Joh. 1:5 (Mf&V 45:7). Masilahle imisebenzi yobumnyama futhi sihlome ngezikhali zokukhanya, Roma 13:12. Ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, Ef. 5:8–11. Ngokuba aniceli, anilethwa ekukhanyeni kodwa kufanele nibhubhe nisebumnyameni, 2 Nefi 32:4. Sathane usabalalisa imisebenzi yobumnyama, Hel. 6:28–31. Amandla obunyama agcwele umhlaba, Mf&V 38:8, 11–12. Umhlaba wonke ububula ngaphansi kobumnyama nesono, Mf&V 84:49–54. Uma amehlo enu enamathele kudumo lwami, ngeke kubekhona ubumnyama kini, Mf&V 88:67. Imisebenzi yobumnyama yaqala ukubusa phakathi kwawo wonke amadodana abantu, Mose 5:55.