Impilo Bheka futhi isihloko esithi Ukukhanya, Ukukhanya kukaKristu; Ukuphila okuphakade Wukuba khona ngokwemvelo kanye nangokomoya okwenziwa ngamandla kaNkulunkulu. Ngibeke phambi kwakho namuhla ukuphila nokuhle, Dut. 30:15–20. Uzongikhombisa indlela yokuphila, AmaH. 16:11. Lowo olandela ukulunga uthola ukuphila, IzA. 21:21. Othola ukuphila kwakhe uyolahlekelwa yikho: futhi olahlekelwa wukuphila kwakhe ngenxa yami uyokuthola, Math. 10:39 (Math. 16:25; Marku 8:35; Luka 9:24; 17:33). INdodana yoMuntu ayizanga ukuzochitha izimpilo zabantu, kodwa ukuzozisindisa, Luka 9:56. Ukuphila kwakukuye, futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu, Joh. 1:4. Lowo okholwa nguye ongithumileyo usedlulile ekufeni wangena ekuphileni, Joh. 5:24. Ngiyindlela, iqiniso, kanye nokuphila, Joh. 14:6. Uma singabathembele kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabanosizi kunabantu bonke, â… Â Kor. 15:19–22. Ubunkulunkulu kunesithembiso salokhukuphila, kanye nalokho okuzayo, â… Â Thim. 4:8. Abantwana ethu bangabheka phambili kulokho kuphila okukuKristu, 2 Nefi 25:23–27. Lokhu kuphila kuyisikhathi sokuba abantu balungiselele ukuhlangana noNkulunkulu, Alima 34:32 (Alima 12:24). Ngingukukhanya nokuphila komhlaba, 3 Nefi 9:18 (Mosiya 16:9; 3 Nefi 11:11; Etere 4:12). Babusisiwe labo abathembekile, noma kusekuphileni noma kusekufeni, Mf&V 50:5. Izimpilo zaphakade yilokhu—ukwazi uNkulunkulu kanye noJesu Kristu, Mf&V 132:24. Lokhu kungumsebenzi wami nenkazimulo yami—ukufeza ukungafi nokuphila okuphakade komuntu, Mose 1:39.