Ubunye Bheka futhi isihloko esithi UbuNkulunkulu, UNkulunkulu Wukuba-munye ngomcabango, ngesifiso, kanye nangenhloso okokuqala noBaba wethu oseZulwini kanye noJesu Kristu, kanye nabanye abaNgcwele. Kuhle ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye, AmaH. 133:1. Mina noBaba simunye, Joh. 10:30 (Mf&V 50:43). UJesu wakhulekela ukuthi bonke babe munye njengoba yena noYise bemunye, Joh. 17:11–23 (3 Nefi 19:23). Ngiyanincenga ukuthi kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa ukuthi nipheleliswe ekuhlanganeni ndawonye, â… Â Kor. 1:10. Phokophelani ukuba nomqondo owodwa nenhliziyo eyodwa, nibe munye ezintweni zonke, 2 Nefi 1:21. AbaNgcwele kufanele babe nezinhliziyo ezihlanganiswe ndawonye ebunyeni, Mosiya 18:21. UJesu wakhulekela ubunye phakathi kwabafundi bakhe abangamaNefi, 3 Nefi 19:23. Abafundi babehlangene emkhulekweni onamandla nasekuzileni ukudla, 3 Nefi 27:1. UBaba, iNdodana, kanye noMoya oNgcwele bamunye, Mf&V 20:27–28 (Mf&V 35:2; 50:43). Kuwumsebenzi wakho ukuhlangana nebandla leqiniso, Mf&V 23:7. Noma yini eniyoyicela ngokukholwa, nimunye emkhulekweni, niyoyithola, Mf&V 29:6. Uma ningemunye anisibo abami, Mf&V 38:27. iNkosi yabiza abantu bayo ngeSIYONI, ngokuba babenhliziyonye futhi bemqondomunye, Mose 7:18.