Inkululeko Bheka futhi isihloko esithi Ilungelo lokukhetha; Inkululeko, Okhululekileyo; Ukuthunjwa Yisimo noma wukuhlala ukwazi ukwenza futhi nokucabanga ngokukhululeka. Ukuthobela imigomo yevangeli kuyamkhulula umuntu ebugqilini bomoya besono (Joh. 8:31–36). Ngizohamba ngenkululeko: ngokuba ngifuna izimfundiso zakho, AmaH. 119:45. Lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko, Ⅱ Kor. 3:17. Yimani niqine enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, Gal. 5:1 (Mf&V 88:86). Abantu bakhululekile ukukhetha inkululeko kanye nokuphila okuphakade, 2 Nefi 2:27. Lelizwe liyoba yizwe lenkululeko, 2 Nefi 10:11. UMoroni wabeka isibonakaliso senkululeko phakathi kwamaNefi, Alima 46:36. INkosi kanye nezinceku zayo bazisa ngenkululeko emimoyeni eboshiweyo, Mf&V 138:18, 31, 42.