Ukuphakanyiswa Bheka futhi isihloko esithi Abantu, Umuntu—Umuntu, okungenzeka abe njengoBaba oseZulwini; Hlawula, Inhlawulo; Inkazimulo yesilestiyali; Ukuphila okuphakade; Umqhele Yisimo esikhulu senjabulo futhi nesenkazimulo embusweni wesilestiyali. Lapho kukhona wena kukhona ukugcwala kwenjabulo, AmaH. 16:11. Bangonkulunkulu, ngisho amadodana kaNkulunkulu—ngalokho-ke, zonke izinto zingezabo, Mf&V 76:58–59. Abangcwele bayothola ifa labo futhi benziwe balingane naye, Mf&V 88:107. Lezi zingelosi aziwugcinanga umthetho wami; ngakho-ke zihlala ngokuhlukana futhi ngazinye, zingaphakanyisiwe, Mf&V 132:17. Abesilisa nabesifazane kufanele bashade ngokomthetho kaNkulunkulu ukuze bazuze ukuphakanyiswa, Mf&V 132:19–20. Isango lincane futhi nendlela iwumcingo eyisa ekuphakanyisweni, Mf&V 132:22–23. U-Abrahama, u-Isaka, kanye noJakobe sebengenile ekuphakanyisweni kwabo, Mf&V 132:29, 37. Ngikukhethela ukuphakanyiswa kwakho, Mf&V 132:49.