Amehlo, Ihlo Emibhalweni engcwele, ihlo livame ukusetshenziswa njengophawu lokukwazi komuntu ukwemukela ukukhanya kukaNkulunkulu. Ngokufanekisa, ihlo lomuntu futhi likhombisa isimo ngokomoya futhi nokuqonda izinto zikaNkulunkulu. Umyalelo weNkosi umsulwa, ukhanyisa amehlo, AmaH. 19:8. Iziwula zinamehlo futhi aziboni, Jer. 5:21 (Marku 8:18). Ukukhanya komzimba yihlo, Math. 6:22 (Luka 11:34; 3 Nefi 13:22; Mf&V 88:67). Abusisiwe amehlo enu ngokuba ayabona, Math. 13:16. Amehlo okuqonda kwenu azokhanyiswa, Ef. 1:17–18. Maye kwabahlakaniphile emehlweni abo, 2 Nefi 15:21 (Isaya 5:21). Baqala ukuzila ukudla futhi nokukhulekela ukuthi amehlo abantu avuleke, Mosiya 27:22. USathane wabavala amehlo, 3 Nefi 2:2. Akekho ongaba namandla okuveza iNcwadi kaMormoni ngaphandle uma enehlo eliqonde udumo lukaNkulunkulu, Morm. 8:15. Ngamandla oMoya amehlo ethu avuleka futhi nokuqonda kwethu kwakhanyiselwa, Mf&V 76:12. Ukukhanya kungaye okhanyisa amehlo enu, Mf&V 88:11. Uma amehlo enu enamathele kudumo lwami, imizimba yonke yenu iyogcwaliswa ngokukhanya, Mf&V 88:67.