Zelwe kabusha, Zelwe nguNkulunkulu Bheka futhi isihloko esithi Abantwana baKristu; Amadodana namadodakazi kaNkulunkulu; Bhabhadisa, Umbhabhadiso; Guquka, Ukuguquka; Umuntu wemvelo; Zelwe Ukuba noMoya weNkosi kwenza uguquko olukhulu enhliziyweni yomuntu kangangoba akabe esaba naso isifiso sokwenza ububi, kodwa ufisa ukufuna izinto zikaNkulunkulu. Ngizobeka umoya omusha ngaphakathi kwenu, Hez. 11:19 (Hez. 18:31; 36:26). Labo ababekholwa egameni likaKristu bazalwa, hhayi ngegazi, kodwa ngokukaNkulunkulu, Joh. 1:12–13. Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu, Joh. 3:3–7. Singazalwa kabusha ngezwi likaNkulunkulu, â… Â Petru 1:3–23. Noma ngubani ozelwe ngokukaNkulunkulu akaqhubeki esonweni, HJS, â… Â Joh. 3:9. Ngokuba konke okuzelwe ngokukaNkulunkulu kuyawunqoba umhlaba, â… Â Joh. 5:4. Labo abazelwe ngokukaKristu benza isivumelwano noNkulunkulu, Mosiya 3:19; 5:2–7. Bonke abantu kufanele bazalwe kabusha; yebo, bazalwe ngokukaNkulunkulu, Mosiya 27:25–26 (Alima 5:49). Ngabe senizelwe emoyeni ngokukaNkulunkulu, Alima 5:12–19. Uma ningazelwe kabusha, aninakulidla ifa lombuso wasezulwini, Alima 7:14. Noma wubani okholwa emazwini ami bayozalwa ngami, ngisho ngamanzi nangoMoya, Mf&V 5:16. Kufanele uzalwe kabusha embusweni wasezulwini, Mose 6:59.