Ubunzima Bheka futhi isihloko esithi Bekezela; Inkathazo, Khathaza; Jezisa, Ukujezisa; Linga, Ukulingwa Ngobunzima—ukuvivinywa, izinkathazo, nosizi—abantu bangabona futhi bezwe okuningi okungaholela ekutheni bakhule ngokomoya futhi baqhubekele phambili ngokungapheliyo ngokuthi baphendukele eNkosini. UNkulunkulu uqobo wanisindisa ebunzimeni bonke benu kanye nasezinsizini zenu, â… Â Sam. 10:19. Bakhala eNkosini ekuhluphekeni kwabo, AmaH. 107:6, 13, 19, 28. Noma iNkosi ikunika isinkwa sosizi, abafundisi bakho abayikucashiswa, Isaya 30:20–21. Ngokuba kufanele, ukuthi kubekhona ukuphikisana ezintweni zonke, 2 Nefi 2:11. Uma bengeke bezwe ubuhlungu bebengeke babazi ubumnandi, Mf&V 29:39. Ubunzima bakho buzoba ngobesikhashana, Mf&V 121:7–8. Zonke lezi zinto ziyokunika ithuba lokuzibonela, futhi ziyokuba yinzuzo kuwe, Mf&V 122:5–8. Bezwa ubuhlungu, ukuze bakwazi ukwazisa okuhle, Mose 6:55.