Ukuhlubuka Bheka futhi isihloko esithi Ukubuyiselwa kwevangeli; Ukuvukela Wukuphambuka eqinisweni kwabantu, iBandla, noma isizwe sonke. Ukuhlubuka okwejwayelekile Abakwa-Israyeli kwakufanele baqaphele ukuba izinhliziyo zabo zingayifulatheli iNkosi, Dut. 29:18. Lapho kungekho-mbono khona, abantu bayadlubulunda, IzA. 29:18. Basiphulile isivumelwano saphakade, Isaya 24:5. Imimoya yayishaya leyondlu, yawa, Math. 7:27. Ngiyamangala ukuthi nihlubuka masinya kangaka niya kwelinye ivangeli, Gal. 1:6. Baqala endleleni enhle kodwa yabalahlekela enkungwini, 1 Nefi 8:23 (1 Nefi 12:17). Emva kokuthi sebesinambithile isithelo, bawela ezindleleni ezingavunyelwe, 1 Nefi 8:28. Ukuhlubuka kwamaNefi kwabangela isikhubekiso kwabangakholwa, Alima 4:6–12. Amalungu amaningi eBandla aziqhayisa futhi ahlupha amanye amalungu, Hel. 3:33–34 (Hel. 4:11–13; 5:2–3). Uma iNkosi ibaphumelelisa abantu bayo, kwesinye isikhathi baqinisa izinhliziyo zabo futhi bayikhohlwe, Hel. 12:2; 13:38. AmaNefi aziqinisa izinhliziyo zawo futhi awela ngaphansi kwamandla kaSathane, 3 Nefi 2:1–3. UMoroni waphrofetha ngokuhlubuka ezinsukwini zokugcina, Morm. 8:28, 31–41. Ukuhlubuka kuzokwandulela ukuZa kwesiBili, Mf&V 1:13–16. Ukuhlubuka kwebandla lokuqala lamaKristu Laba bantu basondela kimi ngemilomo yabo, Isaya 29:10, 13. Ubumnyama buyosibekela umhlaba, Isaya 60:2. INkosi izothumela indlala yokuzwa amazwi eNkosi, Amose 8:11. Kuyovela oKristu bamanga nabaphrofethi bamanga, Math. 24:24. Kuzongena kini izimpisi ezihahayo, IzE. 20:29. Ngiyamangala ukuthi nihlubuka masinya kangaka kuye, Gal. 1:6. Kuyobakhona ukuhlubuka ngaphambi kokuZa kwesiBili, Ⅱ Thes. 2:3. Abanye abantu bayaduka mayelana neqiniso, Ⅱ Thim. 2:18. Abanye banesimo sobunkulunkulu kodwa amandla abo bayawaphika, Ⅱ Thim. 3:2–5. Kuyoba-khona isikhathi lapho bengayikuvuma ngaso imfundiso ephilayo, Ⅱ Thim. 4:3–4. Kuzoba-khona abaphrofethi bamanga nabafundisi bamanga phakathi kwabantu, Ⅱ Petru 2:1. Amadoda athile angena ngokunyenya eyiphika iNkosi uNkulunkulu okuyiyo yodwa, Juda 1:4. Amanye amadoda ayethi angabaPhostoli engewona, IsAmb. 2:2. UNefi wabona ukwakheka kwebandla elikhulu nelinengekile, 1 Nefi 13:26. AbeZizwe bakhubekile futhi bakhe amabandla amaningi, 2 Nefi 26:20. Baphambukile ezimisweni zami, futhi basephulile isivumelwano sami saphakade, Mf&V 1:15. Ubumnyama bumboze umhlaba, futhi obukhulu ubumnyama bumboze imiqondo yabantu, Mf&V 112:23. UJoseph watshelwa ukuthi amabandla onke ayengelona iqiniso; izinhliziyo zabo zazikude noNkulunkulu, JS—uMl. 1:19.