Zindla Bheka futhi isihloko esithi Isambulo; Umkhuleko Wukudlinza futhi nokucabanga ngokujulileyo, ngokuvamile ngemibhalo engcwele noma ngezinye izinto zikaNkulunkulu. Uma kuhlangene nomkhuleko, ukuzindla ngezinto zikaNkulunkulu kungaletha isambulo futhi nokuqonda. UMariya wazindla ngalezi zinto enhliziyweni yakhe, Luka 2:19. Ngisahlezi ngizindla enhliziyweni yami ngahlwithwa, 1 Nefi 11:1. Inhliziyo yami yayizindla imibhalo engcwele, 2 Nefi 4:15. UNefi wahamba indlela yakhe, ezindla ngezinto iNkosi ezikhombisile, Hel. 10:2–3. Hambani emakhaya enu nizindle ngezinto engizishilo, 3 Nefi 17:3. Nikhumbule ukuthi iNkosi ibe nomusa kangakanani, futhi nizindle ngakho ezinhliziyweni zenu, Moro. 10:3. Zindla ngezinto ozitholile, Mf&V 30:3. Ngesikhathi sisadlinza ngalezi zinto, iNkosi yathinta amehlo okuqonda kwethu, Mf&V 76:19. Ngahlala egunjini lami ngizindla ngemibhalo engcwele, Mf&V 138:1–11. Ngacabanga ngawo ngiphindelela, JS—uMl. 1:12.