Umuntu ongcwele Bheka futhi isihloko esithi AmaKristu; IBandla likaJesu Kristu; IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina Yilungu elithembekileyo leBandla likaJesu Kristu. Buthelani kimi abangcwele bami, AmaH. 50:5. USawulu wenza ububi obuningi kwabaNgcwele ababeseJerusalema, IzE. 9:1–21. UPetru weza phansi futhi kwabaNgcwele ababehlala eLida, IzE. 9:32. Umusa kanye nokuthula makube kubo bonke abaseRoma, ababiziweyo ukuba ngabaNgcwele, Roma 1:7. Senimbuso munye nabaNgcwele, Ef. 2:19–21. Ngalibona iBandla leMvana, okwakungabaNgcwele baNkulunkulu, 1 Nefi 14:12. Umuntu wemvelo uyisitha kuNkulunkulu ngaphandle uma eba ngongcwele ngenhlawulo kaKristu, Mosiya 3:19. Mina, iNkosi, ngilibusisile lelizwe ukuze lisetshenziswe ngabangcwele bami, Mf&V 61:17. USathane ulwa nabangcwele baNkulunkulu, Mf&V 76:28–29. Sebenzani ngokukhuthala ukulungiselela abangcwele ukwahlulelwa okuzofika, Mf&V 88:84–85. Abangcwele kufanele babelane ngezinto zabo kwabampofu nabahlushiweyo, Mf&V 105:3. Lezi zikhundla ezingenhla ngininike zona ukwenza umsebenzi wobufundisi kanye nokupheleliswa kwabangcwele bami, Mf&V 124:143 (Ef. 4:12).