Umsebenzi wobufundisi Bheka futhi isihloko esithi Ivangeli; Shumayela Wukwazisa ngevangeli likaJesu Kristu ngokukhuluma kanye nangokwenza. Zinhle kangakanani entabeni izinyawo zalowo oletha izindaba zensindiso, Isaya 52:7. Ngizozibheka izimvu zami futhi ngizifune, Hez. 34:11. Shumayelani ivangeli kuzo zonke izidalwa, Marku 16:15 (Morm. 9:22). Amasimu asemhlophe aselungele ukuvunwa, Joh. 4:35. Futhi bayoshumayea kanjani, ngaphandle kokuba bathunywe, Roma 10:15. Bafundise izwi likaNkulunkulu ngakho konke ukukhuthala, Jakobe 1:19. INkosi inika zonke izizwe ukuba zifundise izwi layo, Alima 29:8. Ivangeli lizomenyezelwa ngababuthakathaka nabafokazana, Mf&V 1:23. Umsebenzi oyisimanga usuzoqala, Mf&V 4:1. Uma nisebenza zonke izinsuku zenu futhi nilethe umuntu oyedwa kimi, kuyoba kukhulu kangakanani ukujabula kwenu, Mf&V 18:15. Abakhethiweyo bami bayalizwa izwi lami futhi abazenzi lukhuni izinhliziyo zabo, Mf&V 29:7. Hambani nishumayele ivangeli lami, ngababili, Mf&V 42:6. Umsindo kufanele uphume kulendawo, Mf&V 58:64. Vulani imilomo yenu ukushumayela ivangeli lami, Mf&V 71:1. Shumayelani iqiniso ngokwezambulo nemiyalelo, Mf&V 75:4. Wonke umuntu osexwayisiwe kufanele axwayise umakhelwane wakhe, Mf&V 88:81 (Mf&V 38:40–41). INkosi izoyondla imindeni yalabo abashumayela ivangeli, Mf&V 118:3. Izinceku zikaNkulunkulu ziyohamba, Mf&V 133:38. Amagosa athembekileyo, uma ehamba amhlabeni, ayaqhubeka nemisebenzi yawo, Mf&V 138:57.