Ukungakholwa Bheka futhi isihloko esithi Kholwa, Ukukholwa Wukungabi bikho kokholo kuNkulunkulu kanye nasevangelini Lakhe. Akenzanga imisebenzi yamandla lapho ngenxa yokungakholwa kwabo, Math. 13:58. Ngenxa yokungakholwa abafundi baJesu babengakwazi ukukhipha odeveli, Math. 17:14–21. Siza ukungakholwa kwami, Marku 9:23–24. UJesu wabasola abaPhostoli bakhe ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo, Marku 16:14. Ukungakholwa kuyokwenza ize ukukholwa kukaNkulunkulu na, Roma 3:3. Kungcono ukuba kubhubhe umuntu oyedwa kunokuba isizwe sonke sinciphe futhi sibhubhe ngokungakholwa, 1 Nefi 4:13. Uma isikhathi sifika sokuthi bancishelwe wukholo, uyokwenza ukuba bahlakazwe futhi bashaywe, 2 Nefi 1:10–11 (Mf&V 3:18). Ngenxa yokungakholwa babengakwazi ukuliqonda izwi likaNkulunkulu, Mosiya 26:1–5. Ngangingakwazi ukubakhombisa abaJuda izimangaliso ezingaka, ngenxa yokungakholwa kwabo, 3 Nefi 19:35. Izingqondo zenu ngesikhathi esedlule zifiphaziwe ngenxa yokungakholwa, Mf&V 84:54–58.