Inkathazo, Khathaza Bheka futhi isihloko esithi Ubunzima Wukubangela usizi noma ubuhlungu kwabanye ngenxa yezinkolelo zabo noma ukuma kwabo phakathi kwabanye abantu; wukuhlupha noma wukucindezela. Babusisiwe labo abakhathazwa ngenxa yokulunga, Math. 5:10 (3 Nefi 12:10). Bakhulekeleni abanisebenzisa ngokunidelela futhi abanikhathazayo, Math. 5:44 (3 Nefi 12:44). Ngokuba bacebile, bakhathaza abamnene, 2 Nefi 9:30 (2 Nefi 28:12–13). Abalungileyo ababheka phambili kuKristu nakuba bekhathazwa abayikubhubha, 2 Nefi 26:8. Zonke lezi zinto ziyokunika ithuba lokuzibonela, Mf&V 122:7.