Othobekileyo, Ukuzithoba Bheka futhi isihloko esithi Inhliziyo edabukileyo; Mpofu; Omnene, Ubumnene; Ubuthakathaka; Ukuzikhukhumeza Wukwenza umuntu ukuba athobeke futhi afundiseke, noma yisimo sokuthobeka futhi nesokufundiseka. Ukuzithoba kuhlanganisa ukubona kwethu ukuthi sithembele kuNkulunkulu futhi nokuthi sifune ukuvumela intando Yakhe. UNkulunkulu wakuhola iminyaka engamashumi amane ehlane ukuze akuthobe, Dut. 8:2. Umoya wami ngawuthoba ngokuzila ukudla, AmaH. 35:13. Ungcono umntwana ompofu nohlakaniphileyo kunenkosi egugileyo neyisiwula, Shum. 4:13. INkosi ihlala kulowo othobekileyo, Isaya 57:15. Yilowo nalowo oyozithoba njengalomntwana omncane, nguyena omkhulu embusweni wasezulwini, Math. 18:4. Lowo oyozithoba uyophakanyiswa, Math. 23:12 (Luka 14:11; 18:14). UJesu wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, Fil. 2:8 (Luka 22:42; 23:46). UNkulunkulu umelana nabazidlayo, futhi abathobekileyo ubapha umusa, â… Â Petru 5:5–6 (2 Nefi 9:42). Zithobeni ekujuleni kwentobeko, Mosiya 4:11 (2 Nefi 9:42; 3 Nefi 12:2). Ngabe senithobeke ngowanele na, Alima 5:27–28. Leyo nxenye ethobekile yabantu baqina ekuthobekeni kwabo, Hel. 3:33–35. Abantu ngibanika ubuthakathaka ukuze bathobeke, Etere 12:27. Ukuthobeka kuyadingeka ukuze umuntu abhabhadiswe, Mf&V 20:37. Zithobeni phambi kwami futhi niyongibona futhi nazi ukuthi yimi, Mf&V 67:10. Zithobe futhi iNkosi iyokunika impendulo emikhulekweni yakho, Mf&V 112:10. Lowo ongazi makafunde ukuhlakanipha ngokuzithoba, Mf&V 136:32. UMoya uthunyelwa ukukhanyisela abazithobile, Mf&V 136:33.