Omnene, Ubumnene Bheka futhi isihloko esithi Inhliziyo edabukileyo; Othobekileyo, Ukuzithoba; Ukubekezela Nguwesaba uNkulunkulu, ngolungileyo, ngothobekileyo, ngofundisekayo, futhi ngobekezelayo ekuzweni ubuhlungu. Abamnene bayavuma ukulandela izimfundiso zevangeli. UMose wayemnene kakhulu, Num. 12:3. Abamnene bayodla ifa lomhlaba, AmaH. 37:11 (Math. 5:5; 3 Nefi 12:5; Mf&V 88:17). Funani iNkosi, nonke nina enimnene; funani ukulunga, funani ubumnene, Zef. 2:3 (â… Â Thim. 6:11). Fundani kimi ngokuba ngimnene futhi ngithobile ngenhliziyo, Math. 11:29. Ubumnene yisithelo sikaMoya, Gal. 5:22–23. Inceku zeNkosi kufanele ibe mnene, ithande ukufundisa, ibekezele, ifundise ngobumnene labo abaphikisayo, â…¡Â Thim. 2:24–25. Umoya omnene onokuthula uyigugu phambi kukaNkulunkulu, â… Â Petru 3:4. Susa umuntu wemvelo futhi ube mnene, Mosiya 3:19 (Alima 13:27–28). UNkulunkulu wayala uHelamani ukuba afundise abantu ukuba babe mnene, Alima 37:33. Umusa weNkosi ubanele abamnene, Etere 12:26. Ninokholo kuKristu ngenxa yobumnene benu, Moro. 7:39. Abekho abamukelekile kuNkulunkulu ngaphandle kwabamnene nabathobekileyo enhliziyweni, Moro. 7:44. Ukususwa kwezono kuletha ubumnene, futhi ngenxa yobumnene kuza ukuhanjelwa nguMoya oNgcwele, Moro. 8:26. Hamba ngobumnene boMoya wami, Mf&V 19:23. Busa indlu yakho ngobumnene, Mf&V 31:9. Amandla nomthelela wobuphristi kungagcinwa ngobubele nangobumnene, Mf&V 121:41.