Ogulayo, Ukugula Wukuba nokugula noma nesifo. Emibhalweni engcwele, ukugula ngokomzimba kusebenza njengesifanekiso sokungabi bikho kokuphila ngokomoya (Isaya 1:4–7; 33:24). Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho: bheka, ngizokuphilisa, Ⅱ AmaKh. 20:1–5 (Ⅱ IziKr. 32:24; Isaya 38:1–5). UJesu wahamba ephulukisa zonke izinhlobo zokugula kanye nazo zonke izinhlobo zezifo, Math. 4:23–24 (1 Nefi 11:31; Mosiya 3:5–6). Labo abaphilayo abayidingi inyanga, kodwa labo abagulayo, Math. 9:10–13 (Marku 2:14–17; Luka 5:27–32). Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? makabize amagosa, Jak. 5:14–15. UKristu uyothwala ubuhlungu kanye nokugula kwabantu bakhe, Alima 7:10–12. UJesu waphilisa bonke abagulayo phakathi kwamaNefi, 3 Nefi 26:15. Yondla ngobumnene, ngamakhambi nokudla okupholile, Mf&V 42:43 (Alima 46:40). Khumbulani ezintweni abagulayo nabanosizi, Mf&V 52:40. Beka izandla zakho kwabagulayo, futhi bayosinda, Mf&V 66:9.