Ukubulawelwa ukholo, Umfelukholo Ngumuntu onikela ngempilo yakhe kunokuba ashiye uKristu, ivangeli, noma izinkolelo noma imigomo yakhe yokulunga. Lonke igazi elilungileyo kusuka ku-Abela kuya Zakariya liyofakaza ngokumelene nabakhohlakeleyo, Math. 23:35 (Luka 11:50). Lowo oyolahlekelwa yimpilo yakhe ngenxa kaKristu kanye nevangeli uyoyisindisa, Marku 8:35 (Mf&V 98:13). Futhi bamkhanda ngamatshe uStefanu, IzE. 7:59 (IzE. 22:20). Lapho kukhona itestamente kufanele kubikwe ukufa kowalenzayo, Heb. 9:16–17. U-Abinadi wawa, ezwe ubuhlungu bokufa ngomlilo, Mosiya 17:20. Ama-Amoniha aguqukileyo aphonswa emlilweni, Alima 14:8–11. Abaningi babulawa ngokuba bafakaza ngalezi zinto, 3 Nefi 10:15. Lowo odela impilo yakhe enza okuthandwa yimi uyothola ukuphila okuphakade, Mf&V 98:13–14. UJoseph Smith kanye noHyrum Smith babulawelwa ukholo ekubuyiselweni kwevangeli, Mf&V 135. UJoseph Smith waqinisa ubufakazi bakhe ngegazi lakhe, Mf&V 136:39.