Ukunaka inyama Bheka futhi isihloko esithi Okuthokozisa imizwa, Ukuthokozisa imizwa; Ukuwa kuka-Adamu no-Eva; Umuntu wemvelo Okuthile okungekona okomoya; leligama lingasetshenziswa ikakhulukazi ukusho okomuntu ofayo futhi nokwesikhashana (Mf&V 67:10) noma okwasemhlabeni, okwenyama, futhi nokwemizwa (Mosiya 16:10–12). Ukunaka kwenyama kungukufa, 2 Nefi 9:39. Udeveli uyabalolozela abantu balondeke ngokwenyama, 2 Nefi 28:21. Base bezibone besesimweni sabo senyama, Mosiya 4:2. Lowo ophikelela kubunjalo bakhe basemhlabeni uhlala esesimweni sakhe sokuwa, Mosiya 16:5. Bonke kufanele bazalwe ngokukaNkulunkulu, bashintshwe esimweni sabo sasemhlabeni futhi nesokuwa, Mosiya 27:25. Abantu base bengabomhlaba, bengabemizwa, futhi benobudeveli, Alima 42:10. Labo abalandela intando yabo kanye nokufunwa yinyama kufanele bawe, Mf&V 3:4. Umuntu ngeke ambone uNkulunkulu ngengqondo yenyama, Mf&V 67:10–12. Abantu baqala ukunaka inyama, ukuthokozisa imizwa, nokuba nobudeveli, Mose 5:13; 6:49.