Imisebenzi Yizenzo zomuntu, ezinhle noma ezimbi. Umuntu ngamunye uzokwahlulelwa ngemisebenzi yakhe uqobo. INkosi izonika wonke umuntu ngokwemisebenzi yakhe, IzA. 24:12. Ukukhanya kwenu makukhanye kanjalo kubantu, ukuze bayibone imisebenzi yenu emihle, Math. 5:16 (3 Nefi 12:16). Lowo owenza intando kaBaba wami uyongena embusweni wasezulwini, Math. 7:21. Ukholo ngaphandle kwemisebenzi lufile, Jak. 2:14–26. Kufanele bahlulelwe ngemisebenzi yabo, 1 Nefi 15:32 (Mosiya 3:24). Siyazi ukuthi kungomusa ukuthi siyasindiswa, emva kwakho konke esingakwenza, 2 Nefi 25:23. Bafundise ukuba bangakhathali ukwenza imisebenzi emihle, Alima 37:34. Kufanele ukuba abantu bahlulelwe ngokwemisebenzi yabo, Alima 41:3. Niyobazi ngemisebenzi yabo, Moro. 7:5 (Mf&V 18:38). Mina, iNkosi, ngizokwahlulela wonke umuntu ngokwemisebenzi yakhe, Mf&V 137:9.