Abantwana, Umntwana Bheka futhi isihloko esithi Busisa, Isibusiso, Obusisiweyo—Ukubusiswa kwabantwana; Hlawula, Inhlawulo; Insindiso—Insindiso yabantwana; Ukukwazi ukuziphendulela, Ukuphendula, Ukuziphendulela; Umbhabhadiso wabantwana abasebancane; Umndeni Ngumuntu osemncane, lowo ongakafiki esikhathini sokuthomba. Obaba kanye nomama kufanele baqeqeshe abantwana babo ukuba bahloniphe intando kaNkulunkulu. Abantwana abanaso isono baze bafike ebudaleni bokukwazi ukuziphendulela (Moro. 8:22; Mf&V 68:27). Abantwana bayifa elivela eNkosini, AmaH. 127:3–5. Fundisa umntwana ngendlela okufanele ayihambe, IzA. 22:6. Vumelani abantwana abancane, futhi ningabenqabeli ukuza kimi, Math. 19:14. Lalelani abazali benu, Ef. 6:1–3 (Kol. 3:20). Ngaphandle kokuWa, u-Adamu no-Eva babengeke babe nabantwana, 2 Nefi 2:22–23. Fundisani abantwana ukuba bahambe eqinisweni nangobuqotho, Mosiya 4:14–15. Abantwana abancane banokuphila okuphakade, Mosiya 15:25. UJesu wathatha abantwana abancane futhi wababusisa, 3 Nefi 17:21. Bonke abantwana bakho bayofundiswa ngeNkosi, futhi kuyoba kukhulu ukuthula kwabantwana bakho, 3 Nefi 22:13 (Isaya 54:13). Abantwana abancane abakudingi ukuphenduka noma umbhabhadiso, Moro. 8:8–24. Abantwana abancane bahlengiwe selokhu kwasekelwa umhlaba ngowami oZelwe Yedwa, Mf&V 29:46–47. Abazali kufanele bafundise abantwana imigomo nemikhuba yevangeli, Mf&V 68:25, 27–28. Abantwana bangcwele ngenhlawulo kaKristu, Mf&V 74:7. Abazali bayalwa ukuba bakhulise abantwana babo ekukhanyeni naseqinisweni, Mf&V 93:40. Abantwana abafa bengakafiki eminyakeni yokuziphendulela basindiswa embusweni wasezulwini isilestiyali, Mf&V 137:10.