Isinengiso, Okunengekile Bheka futhi isihloko esithi Isono Emibhalweni engcwele, lokho okubanga ukwenyanya noma izondo kwabalungileyo nabacwebileyo. Izindebe zamanga ziyisinengiso eNkosini, IzA. 12:22. Ukuzidla kunengekile emehlweni eNkosi, Jakobe 2:13–22. Ababi baboniswa izinengiso zabo uqobo, Mosiya 3:25. Ukungabi msulwa kunengekile kakhulu ngaphezu kwazo zonke izono ngaphandle kokubulala kanye nokuphika uMoya oNgcwele, Alima 39:3–5. Intukuthelo yeNkosi iyokheleka ngokumelene nezinengiso zabo, Mf&V 97:24.