Zarahemla Bheka futhi isihloko esithi Amoni, uzalo lukaZarahemla; Muleki ENcwadini kaMormoni, igama elithi Zarahemla lisho (1) indoda eyahola abantu baMuleki ababesuka kwelinye izwe, (2) umuzi owaqanjwa ngaye, (3) izwe laseZarahemla, noma (4) abantu ababemlandela. UZarahemla wakujabulela ukuthi iNkosi yayiwathumele amaNefi, Omini 1:14. UZarahemla wanika umlando wesizukulwane soyise, Omini 1:18. U-Amoni wayengowozalo lukaZarahemla, Mosiya 7:3, 13. IBandla lamiswa emzini waseZarahemla, Alima 5:2. Ngenxa yabalungileyo abakhohlakeleyo basindiswa eZarahemla, Hel. 13:12. Umuzi waseZarahemla washiswa ekufeni kukaKristu, 3Â Nefi 8:8, 24.