Ukuthanda okomhlaba Bheka futhi isihloko esithi Imali; Ingcebo; Ize, Okuyize; Ukuzikhukhumeza Yizifiso kanye nemizamo engalungile yokuthola ingcebo yomhlaba kanye nezimpahla ezibonakalayo ngesikhathi ushiya izinto zomoya. Kumsiza ngani umuntu uma eyozuza umhlaba wonke futhi alahlekelwe ngumoya wakhe na, Math. 16:26. Babeka izinhliziyo zabo ezintweni eziyize zomhlaba, Alima 4:8 (Alima 31:27). Uyobeka eceleni izinto zalomhlaba, Mf&V 25:10. Izinhliziyo zabantu zinake kakhulu izinto zalomhlaba, Mf&V 121:35.