Linga, Ukulingwa Bheka futhi isihloko esithi Bekezela; Develi; Ilungelo lokukhetha Wukuvivinywa kwekhono lomuntu lokuba akhethe okuhle esikhundleni sokubi; wukuyengwa ukuba wone futhi ulandele uSathane esikhundleni sokulandela uNkulunkulu. Ungasiholeli ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, Math. 6:13 (3 Nefi 13:12). UNkulunkulu akayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, â… Â Kor. 10:13. UKristu walingwa njengathi, Heb. 4:14–15. Ubusisiwe umuntu obekezelela ukulingwa, Jak. 1:12–14. Izilingo zomubi ngeke zibanqobe labo abalalela izwi likaNkulunkulu, 1 Nefi 15:24 (Hel. 5:12). Umuntu wayengenakukwazi ukuzenzela ngokwakhe ngaphandle kokuthi ayengwe ngokukodwa noma ngokunye, 2 Nefi 2:11–16. Qaphelani futhi nikhuleke njalo, ukuze ningalingwa ngaphezu kwalokho eningakwazi ukukubekezelela, Alima 13:28. Bafundise ukumelana nazo zonke izilingo zikadeveli, ngokholo lwabo eNkosini uJesu Kristu, Alima 37:33. Khulekani njalo, funa ningene ekulingweni, 3 Nefi 18:15, 18 (Mf&V 20:33; 31:12; 61:39). Qaphela ukuzikhukhumeza, kungenjalo uzongena ekulingweni, Mf&V 23:1. U-Adamu waba ngaphansi kwentado kadeveli ngoba wavumela isilingo, Mf&V 29:39–40. Ngaba ngaphansi kwazo zonke izinhlobo zezilingo, JS—uMl. 1:28.