Izimfihlakalo zikaNkulunkulu Izimfihlakalo zikaNkulunkulu ngamaqiniso omoya aziwa kuphela ngesambulo. UNkulunkulu wambula izimfihlakalo Zakhe kulabo abathobela ivangeli. Ezinye zezimfihlakalo zikaNkulunkulu nokho zisazokwembulwa. Kunikwe kini ukuba nazi izimfihlakalo zombuso wasezulwini, Math. 13:11. Noma ngiziqonda zonke izimfihlakalo kodwa ngingenaso isihe, angilutho, â… Â Kor. 13:2. UNefi wayenolwazi olukhulu lwezimfihlakalo zikaNkulunkulu, 1 Nefi 1:1. Kunikwe kwabaningi ukwazi izimfihlakalo zikaNkulunkulu, Alima 12:9. Kwabanjena kunikiwe ukwazi ngezimfihlakalo zikaNkulunkulu, Alima 26:22. Lezi zimfihlakalo angikaziswa zona ngokugcwele, Alima 37:11. Ziningi izimfihlakalo ezingaziwa muntu ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo, Alima 40:3. Inkulu kangakanani imfihlakalo yobunkulunkulu, Mf&V 19:10. Uma ucela, uyonikwa isambulo futhi wazi izimfihlakalo zombuso, Mf&V 42:61, 65 (â… Â Kor. 2:7, 11–14). Lowo ogcina imiyalelo uzonikwa izimfihlakalo zombuso, Mf&V 63:23. Kubo ngizokwembula zonke izimfihlakalo, Mf&V 76:7. Ubuphristi obukhulu buphethe ukhiye wezimfihlakalo, Mf&V 84:19. Ngokuza kwayo iNkosi izokwembula izinto ezicashisiweyo ezingaziwa muntu, Mf&V 101:32–33. UbuPhristi bukaMelkisedeki buzoba nelungelo lokuthola izimfihlakalo zombuso, Mf&V 107:19.