Umqondo Ngamandla engqondo; ngamandla azekayo okucabanga. Mukhonze ngenhliziyo epheleleyo nangengqondo efisayo, â… Â IziKr. 28:9. Thanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngengqondo yakho yonke, Math. 22:37. Ukunaka okwenyama kungukufa; ukunaka okukamoya kungukuphila okuphakade, 2Â Nefi 9:39. Izwi leNkos leza engqondweni yami, Enoshe 1:10. Izwi laba nomphumela onamandla emiqondweni yabantu kunenkemba, Alima 31:5. Ngizokutshela engqondweni yakho, Mf&V 8:2. Zindla ngakho engqondweni yakho, Mf&V 9:8. Isizotha sengunaphakade masihlale ezingqondweni zenu, Mf&V 43:34. Izingqondo zenu ngesikhathi esedlule zifiphaziwe, Mf&V 84:54. Lalani masinyane, vukani masinya ukuze imizimba yenu nezingqondo zenu zivuseleleke, Mf&V 88:124. USathane wayengawazi umqondo kaNkulunkulu, Mose 4:6. INkosi yabiza abantu bayo ngeSiyoni, ngokuba babenhliziyonye futhi bemqondomunye, Mose 7:18.