Ukukhalima ukuzala Bheka futhi isihloko esithi Shada, Umshado; Umndeni Wukukhalima inani lezingane ezizelwe ngumyeni nomkakhe ngokukhawulisa noma ngokuvimbela ukukhulelwa. Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, Gen. 1:28 (Mose 2:28). Abantwana bayifa elivela eNkosini, AmaH. 127:3–5. Umndeni kaLehi kwakufanele ukhulise inzalo eNkosini, 1 Nefi 7:1. Umshado umiselwe abantu nguNkulunkulu, Mf&V 49:15–17. Abaphakanyisiwe bazozuza ukuphelela nokuqhubeka kwenzalo phakade naphakade, Mf&V 132:19, 63.