Inkazimulo Bheka futhi isihloko esithi Amazinga ezinkazimulo; Iqiniso; Ukukhanya, Ukukhanya kukaKristu Emibhalweni engcwele, inkazimulo ivamise ukusho ukukhanya kanye neqiniso likaNkulunkulu. Kungasho futhi ukudumisa noma ukuhlonipha futhi kungasho isimo esithize sokuphila okuphakade noma inkazimulo kaNkulunkulu. Ingcwele iNkosi yamabandla: wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yayo, Isaya 6:3 (2 Nefi 16:3). Siyaguqulwa sibe njengalowo mfanekiso kusuka enkazimulweni kuya kwenye inkazimulo, Ⅱ Kor. 3:18. Uzongivusa ukuba ngihlale naye enkazimulweni, Alima 36:28. Izinkazimulo ezitholakala ovukweni zizohlukana ngokokulunga, Mf&V 76:50–119. Inkazimulo kaNkulunkulu ingukuqonda, Mf&V 93:36. Inkazimulo kaNkulunkulu wukufeza ukungafi kanye nokuphila okuphakade komuntu, Mose 1:39. Ngabona aBantu ababili ababenesithunzi, ukukhanya nenkazimulo yabo okwakungachazeki, JS—uMl. 1:17.