Igunya Bheka futhi isihloko esithi Amandla; Biza, Obizwe nguNkulunkulu, Ubizo; Gcoba, Ukugcotshwa; Izikhiye zobuphristi; Ubuphristi Yimvume enikwe amadoda emhlabeni abizelwe noma agcotshelwe ukusebenzela uNkulunkulu uBaba noma uJesu Kristu ekwenzeni umsebenzi kaNkulunkulu. Ngikuthumile, Eks. 3:12–15. Khuluma konke engikuyala ngakho, Eks. 7:2. Wanika abafundi bakhe abayishumi nambili amandla, Math. 10:1. Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethe nina, nganigcoba, Joh. 15:16. UNefi kanye noLehi bashumayela ngegunya elikhulu, Hel. 5:18. UNefi, indodana kaHelamani, wayengumuntu kaNkulunkulu, enamandla amakhulu kanye negunya elivela kuNkulunkulu, Hel. 11:18 (3 Nefi 7:17). UJesu wanika amandla kanye negunya kumaNefi ayishumi nambili, 3 Nefi 12:1–2. UJoseph Smith wabizwa nguNkulunkulu futhi wagcotshwa, Mf&V 20:2. Akekho oyoshumayela ivangeli lami noma akhe ibandla lami ngaphandle kokuba egcotshiwe futhi kwaziwa ebandleni ukuthi unegunya, Mf&V 42:11. Amagosa kufanele ashumayele ivangeli, ekwenza ngegunya, Mf&V 68:8. UbuPhristi bukaMelkisedeki bunegunya lokwengamela ezintweni zomoya, Mf&V 107:8, 18–19. Lokho okwenziwa ngegunya elivela kuNkulunkulu kuba ngumthetho, Mf&V 128:9. Noma ngubani oshumayelayo noma osebenzela uNkulunkulu kufanele abizwe ngokukaNkulunkulu yilabo abasegunyeni, Bha. Kho. 1:5.