Ukungcweliswa Bheka futhi isihloko esithi Hlawula, Inhlawulo; Jesu Kristu; Ukuxolelwa, Xolela Yindlela yokukhululeka esonweni, wukuba msulwa, wukuhlanzeka, futhi nokuba ngcwele ngNhlawulo kaJesu Kristu (Mose 6:59–60). UNkulunkulu unikhethele insindiso ngokungcweliswa koMoya, Ⅱ Thes. 2:13. Singcweliswa ngokunikelwa komzimba kaJesu, Heb. 10:10. UJesu wezwa ubuhlungu ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe uqobo, Heb. 13:12. Abaphristi abakhulu bangcweliswa futhi izingubo zabo zagezwa zaba mhlophe ngegazi leMvana, Alima 13:10–12. Ukungcweliswa kuza kulabo abanikela izinhliziyo zabo kuNkulunkulu, Hel. 3:33–35. Phendukani ukuze ningcweliswe ngokwamukelwa nguMoya oNgcwele, 3 Nefi 27:20. Ukungcweliswa ngomusa kaJesu Kristu kulungile futhi kuliqiniso, Mf&V 20:31. UJesu weza ukuzongcwelisa umhlaba, Mf&V 76:41. Zingcweliseni ukuze izingqondo zenu zinamathele kuNkulunkulu, Mf&V 88:68.