Ukusebenzela Bheka futhi isihloko esithi Inhlalakahle; Uthando Wukunakekelwa okunikwayo noma wumsebenzi owenziwayo ukuze kuzuze uNkulunkulu kanye nabanye. Ngesikhathi sisebenzela abanye, sisebenzela uNkulunkulu futhi. Khethani namuhla ukuthi ngubani enizomkhonza, Josh. 24:15. Kangangokuba nikwenzile kwabancane balaba, nikwenzile kimi, Math. 25:35–45. Lethani imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilayo, okungukukhonza kwenu okufanele, Roma 12:1. Ngothando sebenzelanani, Gal. 5:13. Izinsuku zakho ziyochithwa ekusebenzeleni uNkulunkulu wakho, 2 Nefi 2:3. Uma nisebenzela abantu bakini nisebenzela uNkulunkulu wenu, Mosiya 2:17. Labo abanezwe lesethembiso kufanele basebenzele uNkulunkulu noma bashanelwe baphele, Etere 2:8–12. Labo abenza umsebenzi kaNkulunkulu kufanele bawenze ngezinhliziyo zabo zonke, Mf&V 4:2. INkosi yanika imiyalelo yokuthi abantu kufanele bayithande futhibayisebenzele, Mf&V 20:18–19. Egameni likaJesu Kristu uyomsebenzela uNkulunkulu, Mf&V 59:5. Mina, iNkosi, kuyangijabulisa ukuhlonipha labo abangisebenzelayo, Mf&V 76:5. Khonza uNkulunkulu, ngokuba uyena yedwa oyomsebenzela, Mose 1:15.