Izwe lesethembiso Ngamazwe iNkosi ewathembisa njengefa kubalandeli Bayo abathembekileyo, futhi ngokuvamile nasozalweni lwabo. Maningi amazwe esethembiso. Ngokuvamile eNcwadini kaMormoni, izwe lesethembiso okukhulunywa ngalo yiMelika. Lelizwe ngiyolinika inzalo yakho, Gen. 12:7 (Abr. 2:19). Ngizokunika wena kanye nenzalo yakho izwe laseKhanani, Gen. 17:8 (Gen. 28:13). UMose wayikhomba imincele yezwe ka-Israyeli eKhanani, Num. 34:1–12 (Num. 27:12). Nizoholelwa ezweni lesethembiso, 1 Nefi 2:20 (1 Nefi 5:5). INkosi iholela abalungileyo emazweni ayigugu, 1 Nefi 17:38. Uma uzalo lukaLehi lugcina imiyalelo kaNkulunkulu, luzophumelela ezweni lesethembiso, 2 Nefi 1:5–9. U-Israyeli uyobuyela emzweni lakhe lesethembiso, 2 Nefi 24:1–2 (Isaya 14:1–2). Leso sizwe esiyoba nalelizwe kufanele sisebenzele uNkulunkulu, noma bayoshanelwa baphele, Etere 2:9–12. Leli yizwe lesethembiso, futhi nendawo yedolobha laseSiyoni, Mf&V 57:2. UJuda angaqala ukubuyela emihlabeni ka-Abrahama, Mf&V 109:64. IJerusalema eNtsha izokwakhiwa ezwenikazi laseMelika, Bha. Kho. 1:10.