Isikhonkwane
Ngenye inxenye yokuhlelwa kanye nokuphathwa kweBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Isikhonkwane senziwa yisibalo esithile sezindlu zokukhonza noma ngamagatsha. Ngokujwayelekile sineqoqo lemincele yezindawo futhi sifana nomfanekiso wetende ochazwe ku-Isaya 54:2: “welule izintambo zakho, uqinise izikhonkwane zakho.” Isikhonkwane ngasinye saseSiyoni sisekela futhi sisiza ekuphakamiseni iBandla ngendlela leyo itende noma itabernakele eliphakanyiswa ngayo yizikhonkwane zalo. Isikhonkwane siyindawo yokuhlanganela yensali yabakwa-Israyeli abahlakaziwe (Mf&V 82:13–14; 101:17–21).