IziNcwadi kwabaseKorinte
Yizincwadi ezimbili eTestamenteni eliSha. Kwakuyizincwadi ekuqaleni uPawulu azibhalela abaNgcwele ababeseKorinte ukuze alungise inhlakanhlaka eyayiphakathi kwabo. AbaseKorinte babehlala emphakathini owawukhohlakele ngokwemithetho yokulunga.
AbaseKorinte bokuQala
Isahluko 1 siqukethe isibingelelo sikaPawulu kanye neseluleko sakhe sokuthi abaNgcwele mabahlangane. Izahluko 2–6 yizilungiso zikaPawulu zamaphutha abaNgcwele baseKorinte. Izahluko 7–12 ziqukethe izimpendulo zikaPawulu emibuzweni ethile. Izahluko 13–15 zimayelana nesihe, izipho zomoya, kanye noVuko. Isahluko 16 siqukethe iseluleko sikaPawulu sokuhlala uqinile okholweni.
AbaseKorinte besiBili
Isahluko 1 siqukethe isibingelelo sikaPawulu kanye nomlayezo wenduduzo. Isahluko 2 siqukethe iseluleko sikaThithu yedwa. Izahluko 3–7 ziphathelene namandla evangeli ezimpilweni zabaNgcwele nezabaholi babo. Izahluko 8–9 zeluleka abaNgcwele ukuba baphe abampofu ngezinhliziyo ezimhlophe. Izahluko 10–12 ziwukuqinisa kukaPawulu kwesikhundla sakhe uqobo njengomPhostoli. Isahluko 13 yisiyalo sokuba babe ngabapheleyo du.