Ukuvuna Imibhalo engcwele kwesinye isikhathi isebenzisa igama elithi ukuvunwa ngokulinganisa ukusho ukuletha abantu eBandleni, okungumbuso kaNkulunkulu emhlabeni, noma ukusho isikhathi sokwahlulelwa, njengesikhathi sokuZa kwesiBili kukaJesu Kristu. Ukuvuna kudlulile, ihlobo liphelile, thina asisindisiwe, Jer. 8:20 (Mf&V 56:16). Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana, Math. 9:37. Ukuvuna kungukuphela komhlaba, Math. 13:39. Lokho umuntu akuhlwanyelayo, lokho uyokuvuna, Gal. 6:7–9 (Mf&V 6:33). Insimu imhlophe isilungele ukuvunwa, Mf&V 4:4. Ukuvuna kudlule, nemimoya yenu ayisindisiwe, Mf&V 45:2. Isikhathi sesivuno sifikile, futhi izwi lami kufanele lifezeke, Mf&V 101:64.