Shumayela Bheka futhi isihloko esithi Ivangeli; Umsebenzi wobufundisi Wukunika umyalezo oletha ukuqonda okungcono komgomo noma kwemfundiso yevangeli. INkosi ingigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabamnene, Isaya 61:1 (Luka 4:16–21). Sukuma, hamba uye eNinive, ushumayele khona, Jona 3:2–10. Kusuka ngaleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela, Math. 4:17. Hambani niye emhlabeni wonke, nishumayele ivangeli kuzo zonke izidalwa, Marku 16:15. Sishumayela uKristu obethelweyo, â… Â Kor. 1:22–24. Wahamba wayoshumayela komoya ababoshiweyo, â… Â Petru 3:19. Akukho ngaphandle kokushumayela kanye nokubavusa njalo ukubagcina besaba iNkosi, Enoshe 1:23. Wabayala ukuthi bangashumayeli lutho ngaphandle kokuphenduka kanye nokholo eNkosini, Mosiya 18:20. Ukushunyayelwa kwezwi kwakunomthelela omkhulu wokuholela abantu ukuba benze lokho okulungileyo, Alima 31:5. Akufanele ucabange ukuthi ubizelwe ukushumayela kuze kube ubiziwe, Mf&V 11:15. Akuyikuvunyelwa namunye ukuthi ahambe ukuyoshumayela ngaphandle kokuba egcotshiwe, Mf&V 42:11. Lelivangeli liyoshunyayelwa kuzo zonke izizwe, Mf&V 133:37. Ivangeli laqala ukushunyayelwa kusuka ekuqaleni, Mose 5:58.